
Ezambulweni zakamuva ebholeni lesigaba sePSL kuvela ukuthi uSihlalo weqembu i-Cape Town City uzimsele ngokuthola unozininti weKaizer Chiefs ophelelwa yinkontileka ukuba ajoyine leliqembu. UJohn Comities ongusihlalo weqembu le Cape Town City ufuna ukusayina itumeleng Khune ophelelwa yinkontileka ku Kaizer Chiefs.
U Comities uphumele obala ngemizwa yakhe yokusayina lonozinti owazakhela igama ku Kaizer Chiefs ne Bafana Bafana.Njengoba ebhale ku Twitter yakhe. Itumeleng Khune uselinde isinqumo se Kaizer Chiefs ukuthi ngabe iyamgcina kuyona noma iyamdedela ngo June.
Mangabe ithatha isinqumo sokumdedela uzoba nethuba lokusayina eqenjini alithandayo kulamaqembu asephakamise isandla ngo Khune. IKaizer Chiefs isanda kumbungaza uKhune ukuthi useqede iminyaka engu 25 engumdlali waleliqembu.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
