Sekuphazamiseke ukufundwa ezikoleni zabantu abamnyama KwaZulu-Natal ngenxa yokhetho likazwelonke elizoba ngomhlaka 29 May. “Iqembu le Action SA KwaZulu-Natal liyihlaba inhlali ukuthi kuvalwe izikole zabantu abamnyama kodwa ezabohlanga azivaliwe ngenxa yokhetho” kusho umholi waleliqembu KwaZulu-Natal uZwakele Mcwango obebhodla umlilo ngesenzo sikahulumeni waKwaZulu Natal nomnyango wezemfundo.
Ukufunda ezikoleni zabamhlophe kuzoqhubeka ngendlela ejwayelekile nabomdabu waseNdiya naMasulumane kodwa ezikoleni zabamnyama kuzovalwa izinsuku ezintathu ngenxa yokhetho. Kuzokhumbuleka ukuthi uhulumeni usebenzisa izikole ukuthi kubeyindawo zokuvotisa ngoba wehlulekile ukuhlinzeka ngamahholo emphakathini wabantu abamnyama eNingizimu Africa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.


