
Sebephonse ithawula abahlinzeki bamasevisi ngomnyango wezemidlalo nobuciko KwaZulu-Natal oholwa ngu Dr Ntuthuko Mahlaba. Labahlinzeki besevisi bakhala ngomnyango obakweletayo izimali zabo nokwenza kubenzima ukuqhubekela phambili kwazise iningi lingosomabhizinisi abasafufusa njengob a imithombo iveza ukuthi kunabanye asebekwelwetwe yilomnyango iminyaka emhlanu kusukela ngo 2020, nokuthi uma bebuza ngenkokhelo kodwa isikhulu esamqashayo sivele siqambe amanga sithi sizokhokha njalo, nosekuphenduke iculo lokuthi uzokhokha njalo kuphele kanjalo.
Kumanje lesikhulu siqalile komunye umsebenzi obekumele wenziwe Oliver Conversation Center sazama ukumkhahlela ngesithende lomhlinzeki wesevisi kodwa kwabhoka uzakwabo wathi ngeke naye aqhubeke nomsebenzi mangabe engaqashwa uzakwabo. Ngemuva kwalapho leyomali abayitholanga kuze kube namuhla.
“Okubuhlungu kakhulu lesikhulu asinawo nhlobo unembeza njengoba siyahola njalo mangabe sisebenza kodwa singabaholeli abahlinzeki asebasebenzela ubala yonke leminyaka emhlanu.
“Yazi mfethu kubuhlungu ngoba lesikhulu sinezingane esizondlayo kodwa sikwazi ukuthi sidle imali yethu ekubeni nathi sinezingane zethu esizondlayo, uyabona unkosikazi wami wagcina engibuza ukuthi ngabe ngiyavolontiya yini njengoba ngishiya umsebenzi walendlini ngiyosebenza umbhedo lona engingawuholeli.” kusho omunye umhlinzeki weseisi.
“Lapho bengichitha amahora amaningi kakhulu ngisebenza kanzima ngisebenzela lomuntu odla izimali zethu” eqhuba. Khona manjalo kuno Service Provider wase Majuba District owacelwa yilesikhulu ukuthi siphekele abantwana nezimenywa ezabe zize emdlalweni we National Schools Championship. Ngenxa yokuthi imali wayengenayo wayiboleka komunye wabangani bakhe. waqala umsebenzi wawuphetha wafaka i-invoice lutho ukukhokhelwa nomngani ufuna imali yakhe nabasebenzi ekade bemsiza bafuna izimali zabo kuyena. Lomuntu wesifazane mfowethu usethukiwe wabizwa ngazozonke izinhlamba ongazicabanga emhlabeni ngenxa yilesikhulu.
Kumanje lomnyango wadla imali engu R2 million ekwabe kufanele ungene kwi account ye Boxing Development kanti umangabe kubuzwa abaphathi be Boxing Development KwaZulu-Natal izikhulu zalomnyango aziphumi negama kodwa ziyankwankwaza. Abaphathi be Boxing Development bagcine sebethule ngoba bazophathwa kabi yilabo gombela kwesabo.
Kusenjalo omunye wabahleli bezimpi esigodlile igama lakhe ngenxa yokuvikela igama lakhe uthe njengamanje kuzoba nzima kakhulu ukuqhatha izimpi ngoba imali ayikho emnyangweni wezemidlalo KwaZulu-Natal eshaya ngamafuphi. Kuzokhumbuleka ukuthi njemanje kusele usuku olulodwa kuvotwe ngomhlaka 29 May ukhetho lukahulumeni kazwelonke eNingizimu Africa.
Labo Service Provider kuzoba nzima ukuthi bayophinda bayithole lemali yabo ngoba kungenzeka kushintshe izandla zokuphatha kuhulumeni. Abanye oservice Provider bakhala nokuthi lesikhulu besingaba nikezi ama-order number besithi sizoyilungisa leyonto kanti sekungu phelakwaso emehlweni. Kunjalo lesikhulu asizihluphi ngomuntu esimkweletayo kunalokho simbukela phansi ngoba simqashile phela kumele asivumele ukuthi singamholeli kodwa esebenzile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
