UPollen Ndlanya ufisa ukubona iKaizer Chiefs ijima

UPollen “Trompies” Ndlanya owadlala ku Kaizer Chiefs unxusa uKaizer Motaung ukuthi ameme abadlali abayizinkakha zeChiefs ukuthi zizobona indlela yokuziqeqesha kwabadlali be Kaizer Chiefs. UNdlanya ukhala ngabadlali beKaizer Chiefs ukuthi bazidalela bona ingcindezi kubalandeli ngoba benganqobi imidlalo, kwazise sebehlulwa ngisho nangamaqembu amancane lokho kubadalela isithunzi esimbi kubantu bebhola nabalandeli.

“Ngibona ukuthi nangendlela yokuziqeqesha ayikho nhlobo ezingeni elifanele njengoba behlulwa njalo benganqobi neligi.” uNdlanya.

Kumanje leliqembu le Kaizer Chiefs selishintshe abaqeqeshi abaningi ngesikhathi esifushane. kodwa kuhlanga zimuka nomoya. Bonke labaqeqeshi abakhulumi ngabadlali be Kaizer Chiefs ukuthi banjani bona kodwa bayabavikela kakhulu kodwa manje lokho kuyababulala.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.