
Umndeni ka-Owami Visagie oneminyaka engu-17 ubudala, ofunda u-grade 11 eChipa-Tabane Secondary School eRefilwe, eCullinan, ukhungathekile ngokudlwengulwa nokubulawa kwakhe, okusolakala ukuthi ubulawe ngumzala.
Isidumbu sika-Owami Visagie sitholwe ekamelweni elisendaweni yesihlobo sakhe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi umndeni wakhe uphume umkhankaso wokumthungatha.
Sebezwile ukuthi wagcina ukubonakala enaye. Ngesikhathi umama ka-Owami engena ekamelweni labazala, wathola isidumbu sendodakazi yakhe silele phansi sinqunu, siboshwe umlomo, futhi izandla zakhe ziboshwe ngemuva. U-Owami kuthiwa wadlwengulwa waklinywa waze wafa.
Umsolwa oneminyaka engu-30, ongumzala wakhe, uzinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko.
Umalume kaVisagie, uPeter Mthethwa, uzwakalise ukushaqeka ngalesenzo sikamsolwa, wathi ngeke amcabange njengomndeni noma amvumele ukuthi abuyele emzini wabo.
“Angikwazi ukumamukela [njengomndeni] wami. Angikwazi ukumvumela endlini yami, ngeke. Uma amaphoyisa emdedela ngeke ngiye eduze kwakhe. Angifuni ukuphinde ngimbone,” kusho yena. UMthethwa uthe umndeni udonsa kanzima ukuqonda ukuthi umuntu osondelene nabo angenza kanjani lesi senzo esibi kangaka.
“Siyaqala ukubona lokhu. Yinto ebesingakaze siyilindele. Babesondelene kangangokuthi nomama wentombazane wayevame ukumshiya naye uma eya noma yikuphi athi abageze izitsha uma sebeqedile ukudla.
“Konke akushilo ukuthi, ‘Angikwenzanga’. Wabaleka ngoba esaba ukuthi uma umphakathi uma umbamba uzombulala, washo lokho,” kusho uMthethwa.
Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Mavela Masondo uthe kuvulwe icala lokudlwengula nelokubulala esiteshini samaphoyisa eCullinan. Ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzinikele ngokuzithandela emaphoyiseni. UMasondo uqhube wathi umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseCullinan ngoLwesithathu.
“Siphatheke kabi, siyazama ukududuzana singaphumeleli,” kusho uMthethwa. UVisagie wagcina ukubonakala ephila ngeSonto kusihlwa, ngemva nje kwehora lesithupha. Ekhathazekile lapho engabuyi ekhaya, unina wabika emaphoyiseni ngalobo busuku ngokulahleka kwakhe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
