
UDoctor Khumalo uzwa ubuhlungu ngokushiya ka Irvin Khoza ekubeni ngusihlalo we PSL. “Uyabona uKhoza uyawazi umsebenzi wakhe kakhulu njengoba enobudlelwano obuhle nabaphathi bamaqembu emhlabeni nosomabhizinisi namaqembu Africa nakulel.” kusho lenkakha.
“Manje ngiyavuma usemdala ngeminyaka njengoba eneminyaka engu 76 kodwa bengifisa ukuthi uKhoza amukhombe yena umuntu ozongena ezicathulweni zakhe ngoba zinkulu kakhulu. Kudingeka umuntu onohambo olude kakhulu kulendima yezamabhizinisi nozokwazi ukuthatha leligi ayikhuphule kwelinye izinga njengoba manje ifadabele kakhulu njengoba uKhoza usemdala kakhulu.
“Amagalelo ka Khoza ngiyawazi kakhulu kusukela engena ebholeni ku Orlando Pirates nangesikhathi eshiya kwaba muncu ku Orlando Pirates. Wabuya ngo 1993 iqembu le Orlando Pirates lanqoba iligi ngo 1994 ngo 1995 lanqoba CAf Champions League ne CAf Super Cup. Manje kuzomele ngempela kucoshelelwe ukuthi kuphathe umuntu onohlonze ku PSL. Nakuba mina ngokwami bengathanda uJohn Comities ongusihlalo we Cape Town City anikwe lomsebenzi ngoba unamava kanti mudala ekuphathweni kwebhola lakuleli.” eqhuba.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
