
Iqembu elisanda kusungulwa le-MK eliholwa yilowo owayeyilungu le-ANC, uMnuz Jacob Zuma, liyaphika ukuthi lasebenzisa izithombe zikaLira ukujaha udumo ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Leli qembu lithi alikaze lilwenze lolu qwembe futhi alilufuni udumo nokho bengeze ngokuthi uLira wamukelekile ukujoyina iqembu futhi bayawuthanda umculo wakhe. NgoLwesithathu, uLira ugxeke ukusebenziswa kwesithombe sakhe ukuze lithole ukwesekwa ngumphakathi.
“Ngifisa ukuqinisekisa ukuthi angihlangene neMK Party. Angikaze ngibagunyaze noma ngibe yilungu le-MKP. Noma yimiphi imininingwane ephikisana nalokho yizindaba ezingelona iqiniso futhi ngibheka izinketho zami ezingokomthetho mayelana nokusetshenziswa okungekho emthethweni kwesithombe negama lami, ”kubhala yena ku-Instagram.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
