UDladla uthi akayisabi iMamelodi Sundowns FC

USimo Dladla ukholwa ukuthi umdlalo we Nedbank Cup last 16 bazowudlala ngaphandle kwengcindezi ngoba leliqembu lizobhekana neMamelodi Sundowns FC.”Sizodlala ngokuzimisela yize sidlala neqembu elikhulu” kusho uDladla.

Uqhube wathi bayakuqonda ukubaluleka kwalemidlalo, “abadlali bethu bayakuqonda kabanzi ukuthi badlala umdlalo wendebe ye Nedbank Cup neqembu elibukhuni.”

USimo Dladla uphinde watshela IBUNDA IZINDABA, ukuthi uRhulani Mokeana uvunwa izinsiza kusebenza yingakho enza kahle kanjena.

UDladla useke waqeqesha kuwona wonke amazinga njengoba useke wanqoba ABC Motsepe League ne Kings United kanti waqeqesha Uthongathi FC, Venda Academy FC, Moroka Swallows FC. Amavaka akhe uGovuza azobonakala kulomdlalo we Nedbank Cup last 16 kwazise iqembu le Mamelodi Sundowns FC alikaze lahlulwa yiqembu elidlala ngaphansi kwe PSL emlandweni.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.