
UKaruru obengenalo iqembu njengoba waphelelalwa ngumsebenzi eqenjini lase Saudi Arabia lapho kade eyibambe khona ngemuva kokudlalela iqembu AmaZulu FC ku Dstv Premiership.
UVidy Karuru wake wadlalela amaqembu ePSL afana noKaizer Chiefs kanye neChippa United, kanti useke wamela iqembu lase Zimbabwe ku African Cup of Nations.
Ungomunye wabadlali abazoba ngumgogodla eqenjini le Yadah FC ngoba kudala ebhona ebholeni.
Khona manjalo leliqembu le Yadah FC eliqalwe ngo 2017 kodwa licebile njengoba kuyilona eliholela kakhulu ku Zimbabwe Castle League.
Abadlali base Zimbabwe abanamava bajoyina leliqembu leziqumama uma sebebuyela ezweni labo.
Lelizwe lase Zimbabwe ngaphambili belihlonishwa kakhulu ebholeni, ngabadlali abavelela singabala uPeter Ndlovu, Adam Ndlovu, Cleopas Dlodlo, Abraham Mbambo, Wilfred, William Mgugeyi, Robson Muchichwa, Francis Shanai, Ian Gorowa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
