
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Brooks ugxipha usihlalo wePremier Soccer league, uDr Irvin Khoza ngezinga eliphansi le PSL. UBroos uthi ubona ukuthi ayiphethwe ngendlela enenhlonipho iPSL, kodwa abaphathi bayo bayiphethe budlabha njengoba abadlali bazihambela umathanda lapho befuna ukuyakhona. “Abadlali abanawo umthetho abawulandelayo nobanqandayo ukuthi bangabi uluvanzi emphakathini.” kusho uBroos.
“Khona abadlali ekade befika kumina bethi bafuna ukuzodlala ku Dstv Premiership ngakho kusamele uKhoza abambisene nabo bakhuculule inkunkuma ngaphakathi ku PSL. Kuyosiza kakhulu ngoba bayophinde bathole amasu amasha okuthuthukisa lenhlangano enomlando omude kakhulu ebholeni lase Africa.” kuqhuba lomqeqeshi.
Kumanje amaqembu awabaholeli abadlali afana no Moroka Swallows FC, Royal Am, Chippa United, Milford, Pretoria Callies, Richard Bay FC, Marumo Gallants. Lamaqembu ahlaze igama le Premier Soccer league emazweni omhlaba njengoba lamaqembu abonakala evela kabi ku FIFA.
“Lokho kugqamisa ukungazihloniphi kubaphathi bamaqembu nokungayilandeli ngendlela imithetho yenhlangano ephethe ibhola emhlabeni iFiFa.” kukhala uBroos.
Kumanje iqembu le Chippa United lingcolise kabi lenhlangano ephethe ibhola le PSL nele Safa, ngokuqasha abaqeqeshi ithulula. Lesenzo sikhombisa ukuthi abaphathi be PSL abanaso isandla esiqinile ekulawuleni ibhola ngendlela efanelekile. I PSL kumanje isiyehlelwe ukuthenjwa ebholeni lase Africa njengoba kade ihamba phambili Africa.
Abadlali base Zambia, Malawi, Nigeria, Cameroon, Ghana, Zimbabwe, Botswana, Swaziland, Mozambique, DRC Congo, Tanzania, kade bethutheleka kuleli kodwa namuhla bashabalele, ngenxa yezinga eliphansi lamaqembu adlala ku Dstv Premiership League, nosekudale ukuthi bathutheleka eTanzania ku Simba, Young Africans, nase DRC Congo ku TP Mazembe, Egypt Al Ahly, Zamalek FC, kanti abanye bafudukela ku Raja Casablanca yase Morocco.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
