
UHugo Brooks ongumqeqeshi we Bafana Bafana ukholwa ukuthi yena EVidence Makgopa akakalungeli ukudlala phesheya kwezilwandle. “Kusamele aqine ukhakhayi ku Orlando Pirates aphinde adlale ku CAf Champions League aphinde ashaye amagoli ku CAf Champions League. Kumanje abadlali abangalunga phesheya ngo Khuliso Mudau, Teboho Mokoena, Rowen Williams,” kusho lomqeqehi.
“Phesheya kwezilwandle umbango wejezi mkhulu kakhulu yebo udlale kahle yena ngalokho akukho ukuthi kumele ayohlala ebhentshini. Kusamele adlale njalo ku Orlando Pirates khona ezoqina kakhulu. Makgopa ushaye igoli elilodwa ku African Cup of Nations.” kuqhuba yena.
UMakgopa uthishwa ngokuthi uzoba ngumgadli ohamba phambili kuleli ukuzolandela uPhill Masinga owaduma ku Jomo Cosmos, Mamelodi Sundowns FC, Leeds United, Bari FC, Bafana Bafana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
