
Iqembu laseZimbambwe, i-Dynamos ifuna uKhama Billiat ngo R12000 lokho sekudale ukuthi amaqembu ase Zimbabwe aqale umbango ngokuthi abeke imali encono etafuleni ukwedlula eye Dynamos.
Lamaqembu abona leliqembu le Dynamos ligodola nemali efunwa ngu Khama Billiat asenqume ukuthi nawo afake isicelo sokumsayinisa ngoba i Dynamos iyacucuza. IManica Diamonds isiphumele obala ukuthi yona izomnika R400 000 wokusayina iphinde imnikeze R80 000 womuholo wanyanga zonke, leliqembu lifuna ukumnika umholo ekade ewuhola ku Kaizer Chiefs.
Lomholo wawubalekela ku Kaizer Chiefs ngoba efuna imali elingana neka Keegan Dolly ngoba kumngani wakhe kodwa yena osephuma phesheya kwezilwandle ku Ligi. Amaqembu agaqele uKhama Billiat nanka Dynamos, iNgezi Plutinum, Caps United, Manica Diamonds. Kuze kubemanje uKhama Billiat akalitholi ikhaya langempela ngoba amaqembu asambanga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
