UMakoti unyamalale ngemuva kokukhokhwa kwelobolo kuye

Owesifazane waseNingizimu Afrika unyamalale emoyeni ngemuva kokuqola isoka lakhe imali yelobolo. USindiswa Majola kuthiwa unyamalale ngemuva kokukhokhelwa kwezizumbulu zemali ezikhokhelwe umalume wakhe ngoba elotsholwa yisoka lakhe laseNigeria. USindiswa ube esenyamalala nalowo okuthiwa umalume ngemuva kokwamukela imali yelobolo engu-R150 000 kuMichael Obode, uMfundisi waseNigeria okhonza esontweni eMamelodi, ePitoli.

U”Man of God” uMfundisi Obode uthe uSindiswa nomalume wakhe baphume egumbini elingemuva abebeqashe kulo eTembisa eGauteng futhi akekho obazi kahle ukuthi bashonaphi. Omakhelwane babo basola ukuthi indoda eyazenza umalume kuSindiswa yisoka lakhe ngempela. Igama lakhe uBafana Madikizela.

UMfundisi uthe uma uSindiswa engayibuyisi le mali, uzovakashela esangomeni esinamandla ukuze simhlanyise. Umfundisi ufuna ukubuyiselwa ilobolo lakhe ngemuva kokubona ukuthi uqoliwe kulento.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.