
UGerda Steyn ongumphetha we Comrades Marathon ne Two Oceans Marathon ne Valencia Marathon, uthi alikho ilekhodi lakhe azoliphula ngaphandle makuphoqa ukuthi aliphule. UGerda Steyn ugile izimanga ngonyaka ka 2022 ngesikhathi enqoba Two Oceans Marathon amahlandla amabili, wanqoba iComrades Marathon amahlandla amabili waphula ilekhodi lango 1989 lika Frith Vander Merwe, lika 05:54:43 kodwa waliphula ngo 5:44:54.
Gerda Steyn usatswa ngabasubathi base Russia nabagcwala amanzi emadolobheni kuqaqambe izinhliziyo zabo, ngoba uyalilwela lelizwe ngamandla akhe onke. Lentokazi yase Free State indlela iyikhomba kucace bha ukuthi igazi layo ngelomphetha.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
