
UBonga Mthembu ngonyaka odlule akayiqedanga iComrades Marathon futhi akayigijimanga iTwo Comrades Marathon. Lenkanka isiqalile ukuzicija njengoba uyibambe no Nkosikhona Mohlakwana.
Labasubathi abalibonanga elidlalayo ku Comrades Marathon kodwa baqamuka neqhinga eliphusile njengoba bajima mandawonye baqeqeshwa ngabaqeqeshi babo naba abamkantshu ubomvu ekusubatheni lemidlalo emkhulu.
UBongumusa Mthembu uqeqeshwa ngu Thuso Stimela Mosia, Nkosikhona Mohlakwana uqeqeshwa ngu Prodigal Khumza Khumalo. Imbangi yalabasubathi baKwaZulu Natal bayayazi lapho ikhona.
Kulindeleke ukuthi bayinqobe lempi ngoba uMthembu kudala eyinqoba Comrades Marathon. lengwazi yase Bulwer kumele noma kanjani ukuthi iphathe umkhonto owavela enyandeni.
UMthembu usenqobe Comrades Marathon amahlandla amathathu ne Two Oceans Marathon. Kuzoqhamuka umfowabo ka Bongumusa Mthembu omncane, okuningi uzokubona mangabe kuqala imijaho, lomfowabo ka Bongumusa Mthembu uzosivala isikhala sika Mthembu mangabe esewabeka ethala amateku.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
