
Umshayeli wetekisi, oseyibambe isikhathi kulemboni, uthi bacela ukuqashwa nabo emalolini. UThokozani Ngubane ongumshayeli wetekisi elisuka oThongathi liye eMhlanga, kanti lensizwa idabuka eBhamushela. uThokozani Ngubane uqale amabanga aphansi eSimunye Combined School waphinda waphothula khona ibanga leshumi.
UNgubane uqale ukungena embonini yamatekisi ngonyaka ka 2011 ngenxa yokungalitholi usizo lokuthi aqhubekele phambili nemfundo yasemabangeni aphezulu.
Khona manjalo uNgubane ubona ukuthi kumele mangabe ungumshayeli wetekisi uzifundise ukubeka imali ngendlela. UNgubane usenengoduso enabantwana abathathu.
“Ngazithola izincwadi zami zika code 14 ngonyaka ka 2018 kodwa umsebenzi angikawutholi wokushayela amaloli amabanga amade. Kodwa ngisalinde mangabe kuqhamuka ithuba ngoba umsebenzi wamaloli ngiyawuthanda kakhulu kusukela ngesikhathi ngisemncane kodwa ngingakaqondi ngawo.
UNgubane unxusa ukubambisana phakathi kwabashayeli nabagibeli ukuze kuthuthuke umsebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
