
USizwe Hlongwne odabuka KwaSwayimane nongumshayeli wamatekisi ahambela amabanga amade. Uqale imfundo yakhe yamabanga aphansi iNgolethu Primary kodwa washiya endaweni ngenxa yodlame wabe eseya oZwathini, nakhona wafunda unyaka owodwa eSotobe High School, lathi malibohla udlame wabuyela ekhaya kwaSwayimane. Lapho aphothule khona ibanga leshumi eKhanyisa High School.
USizwe Hlongwne ushayela amatekisi ahambela phakathi kwase eThekwini nase Mgungundlovu, Greytown, uMsinga. USizwe unenkampani yakhe ebizwa ngokuthi yiSizwe Enterprise nenkampani yama Security, kodwa lezinkampani seziqede iminyaka engu 8 azikaze ziwuthole umsebenzi ngenxa yokungawutholi umsebenzi.
“Ngingajabula ukuthola umsebenzi wokugada nomangabe yikuphi yikho nginxusa labo abadinga inkampani yonogada ukuthi abafuna ukugadelwa umsebenzi wabo nomangabe kusezitolo nemcimbi edinga onogada.” kuqhuba uHlongwane.
USizwe Hlongwne ungubaba wabantwana abane okungabafana ababili nanamantombazane amabili kanti ngalemali encane ayithola ekushayeleni itekisi usefundise izingane zakhe ezikhungweni zemfundo ephakeme ezifana no DUT.
USizwe uyisilomo kubagibeli nakozakwabo njengoba bambiza ngegama elithi nguntshebelezi, kanti unamancoko unobubele kubantu futhi uhlanzekile njengoba uyazibonela ukuthi uganiwe, kanti futhi uyikholwa lase ebandleni lase Buhleni kwaShembe.
UNtshebelezi, zinkampani eziningi ziyakujabulela ukusebenza naye ngoba abantu uyabahlonipha uyabathanda naye bayamthanda. UHlongwane ube eseluleka abantu abasha ukuthi bangahlali bagoqe izandla ngoba umsebenzi wetekisi kuyaphileka noma kunzima manje ukuthi ungaba ngumnikazi womsebenzi ngoba sesibabaningi kakhulu kodwa abanalo msebenzi wamatekisi. mangabe ufuna ukuxhumana naye ungamshayela kule nombolo yocingo 0794430944.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
