
Ukungabikhona kwamathuba omsebenzi eNingizimu Africa kuletha abantu abasha embonini yamatekisi ngokungenhloso ngoba lemboni yamatekisi kuseyiyona enamathuba ancono.
Namuhla sikuphathele uMdu Butholakhe Ndebele wase Melmoth ongumshayeli wetekisi elisuka oThongathi liye eMhlanga. Ngaphambilini ubengumqaphi wemeya yase eMlalazi engasekho emhlabeni uThelumoya Jake Zulu owashona nge Covid 19. UNdebele uzithole ephelelwa ngumsebenzi ngenxa yokushona kabasi wakhe.
Njengoba kunguyena omdala ekhaya wabona kuncono ukuthi asondele embonini, waqala wasebenza kulemboni ngoba edinga ukondla umndeni wakhe. UNdebele unezincwadi zokushayela ezimbili ngu Code 10 no Code 14 kanti unxusa nomangabe ngubani ofunda leliphephandaba ukuthi amxhumanise nabaphathiswa bamaloli ngoba ufuna ukushayela amaloli noma amabhasi kanye nezimonto zezinkampani.
Khona manjalo uNdebele unothando lwezemidlalo njengoba engumlandeli wokuqina we Orlando Pirates,ne Bafana Bafana. UNdebele uqalile manje ukuqeqesha abafana bakhe ababili njengoba ubathumele eNewcastle lapho bedlala khona. UManzankosi waziwa kakhulu ngokuthanda umndeni wakhe kanye nokuphatha kahle abagibeli bakhe.
UNdebele usazimisele ukushiya embonini yamatekisi mangabe ethola umsebenzi ngaphandle kwalemboni. UNdebele uthanda inqubekela phambili njengoba usanda kuthenga umuzi eNtuzuma, “ngithengela abantwana bami ukuze babenawo umpheme wokufihla ikhanda.”
Khona manjalo uNdebele uphinde waveza ukuthi useqalile ukubekela imali abantwana bakhe eBank yokufunda.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
