
IKaizer Chiefs ayiyikhulumi nhlobo indaba yokuvuselela inkontileka ka Itumeleng Khune kanye neyokubuya eqenjini njengoba lamthola ephule umthetho ngokuphuza utshwala, okwaholela ekutheni leliqembu limphuce ibhande lika Kaputeni.
UKhune ugcine ukudlala umdlalo we PSL All Stars we Carling Black label Knockout Cup kanti lonozinti uzophelelwa yinkontileka yakhe ngo June. U-Itumeleng Khune ubambe iqhaza elimqoka kakhulu eqenjini le Kaizer Chiefs kuleminyaka edlule njengoba enqobe izinkomishi neligi amahlandla amabili.
Uphinde wabamba iqhaza elikhulu ku Bafana Bafana endebeni yomhlaba naku Olympics. Lonozinti okwazi ukuphaka ibhola lapho efuna ukuthi liye khona, nguyena ohlasela kuqala enkundleni ngoba ibhola lakhe uliphasa lapho kunomdlali oyingozi khona.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
