Umsebenzi wakwaSPAR akakaxoshwa

AbakwaSpar bathi bayavumelana nemibono yeWomen For Change yokuthi “Akenzanga lutho olubi! Futhi nakanjani akavumanga ukuthi ividiyo ingene ezinkundleni zokuxhumana! Umuntu oputshuze ividiyo nguyena okumele aziphendulele!

Baphinde bathi bamnikeze ukwelulekwa nokumeseka kulesi sikhathi esinzima. Lokhu kuza ngemuva kokuthi kusabalele ividiyo yowesifazane ethi “Spar Lady”. Levidiyo ibandakanya isisebenzi sowesifazane sakwa-SPAR senza isenzo esingafanele ngenkathi sisemsebenzini.

Ividiyo, eqoshwe ekhoneni elicashile lamagceke enkampani, ikhombisa lomsebenzi egqoke umfaniswano waseSPAR ezithinta ngasese ebheke kwikhamera yocingo lwakhe.

Ividiyo isisabalale kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, okuholele ekugxekweni kwezenzo zalomsebenzi. Levidiyo esabalele, iyisibonelo sakamuva esivuse izingxoxo nenkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.