UGlyn Binkin usolwa ngokugwazela abaqeqeshi

Kunukwa imenenja ka Siyanda Magazi Xulu ngokukhokhela umqeqeshi we Bafana Bafana ukuthi adlalise uSiyanda Xulu nomangabe akekho esimweni sokudlala. UGlyn Binkin usolwa ngabathile ngaphakathi ku SAFA ngokuthi ugwazela abaqeqeshi.

“Ngempela ngabe uXulu ngempela ubeyiswaphi ngoba uyadlisela kabi, ungamdlalisa kanjani uSiyanda Xulu emdlalweni omkhulu kanjena njengoba wadlisela emdlalweni weMali. Ngamaqhinga ka Binkin wokuthi ufunela uXulu umsebenzi njengoba amaqembu ase Europe afuna indlela yokuthi umdlali udlala kanjani.” kusho umthombo ongaphakathi ongavunyelwe ukukhuluma nabezindaba.

Kuzokhumbuleka ukuthi akaqali ukuqubuka amahemu hemu anjengalawa njengoba ngaphambilini aqubuka ngo Aaron Mokoena owayengukaputeni we Bafana Bafana njengoba wayenza amaphutha njengo Xulu.

Lento ibulala abadlali umoya abadlala naye ngoba uyaboza kodwa bengeke bemenze lutho ngoba uphethwe yimafia. USiyanda Xulu ukhuhla ibhentshi eqenjini le Super Sports United njengoba ethola ijezi eqenjini le Bafana Bafana.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.