
I-IFP ikuqinisekisile ngokusemthethweni ukubulawa kwelinye lamakhansela ayo kumasipala waKwaNongoma osubangwa kakhulu enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ikhansela elibulewe nguNdukenhle Duma kanti lisanda kukhethwa kulandela ukhetho lokuchibiyela kwenye yamawadi.
UDuma wabulawa ngasemayini yamalahle, Ithendele, eMtubatuba, lapho ayenamathenda okuhlinzeka ngemishini enzima kule mayini enomlando omubi wokubulawa kwabantu. Ngesikhathi kudutshulwa uDuma, umfundi udutshulwe ngephutha washonela endaweni yesigameko.
Abanye abafundi abathathu abebehamba ngemoto yesikole balimele baphuthunyiswa esibhedlela.
Kusolwa ukuthi belizingelwa ikhansela le-IFP elidutshulwe kwaQubuka eMtubatuba. UMnu Ndukenhle Duma obeyikhansela laku-ward 11 eMasokaneni ngaphansi kukaMasipala waKwaNongoma udutshulwe ngababulali abangaziwa.
Kulesi sigameko kushone nengane eneminyaka ewu-11 kwathi ezimbili zaphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokuba omunye wababulali bekhansela evulele ngenhlamvu ebhekise emotweni elayisha abafundi kuyona lendawo.
Lesi sigameko senzeke umufi ematasa nomsebenzi wokushintsha isondo lemoto eliqhume ngaphambi kokuba adutshulwe.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
