Uphokophele uNgizwe

UNgizwe Mchunu uphokophele phambili momcimbi wakhe awubiza nge-Amabhinca Cultural. Lomcimbi kaMchunu uqondene ngqo ne Manifesto ye EFF ezobe iseMabhida ozokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngesonto elizayo.

uMongameli wamabhinca uNgizwe Mchunu uhlele lomcimbi nawubiza ngokuthi owamabhinca ozoba ngezi 10 kuNhlolanja 2024. Umcimbi kaMchunu uzobe useWorkshop, eGugu Dlamini park.

Ekuqaleni uMchunu ubehlela ukuvimba uJulius Malema ethi umoshe uxhaso lwakhe neJAC Motors ePort Shepstone. Ube esehlehla wamemezela lo mgubho athe uzogwinya abantu bese uphuca i-EFF ukwesekwa emcimbini wokwethulwa kwe-manifesto.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.