
Owesilisa osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala emzini wakhe esigodini saseLeretjeni, eBolobedu, ushaywe kanzima yizakhamuzi ezazithukuthele zigane unwabu ngoMgqibelo, Januwari 27. Ngokusho kwesisulu esikhulume neTzaneen Voice, umsolwa ubengumakhelwane owagqekeza ifasitela kulomuzi nalapho ayehleli nezingane zakubo. Wabe esemhudulela kwelinye igumbi wamnukubeza ngokocansi.
“Izingane zakwethu ziphume zigijima ziyobiza umama owayeseduze ukuze athole usizo. Ufike nabanye abantu bambamba oqotsheni,” kusho yena. Umsolwa ube esevinjezelwa ngamalungu omphakathi amhlasela ngezinduku namatshe. Ulimele kanzima wabe esephuthunyiswa esibhedlela iVan Velden ukuze athole ukwelashwa.
Okhulumela amaphoyisa ukuqinisekisile ukuthi icala lokudlwengula livulwe esiteshini samaphoyisa eTzaneen kanti umsolwa ugadwe ngamaphoyisa esibhedlela. Uphinde waxwayisa umphakathi ukuthi ungazithatheli umthetho ngezandla udedele abezobulungiswa ukuthi babhekane nalolu daba. Isisulu sithola ukwelulekwa nokwesekwa kosonhlalakahle ukuze sibhekane nokuhlukumezeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
