
I-Super Sports United isayinise umdlali wasemuva okhululwe yi Moroka Swallows FC. UKeagan Allen ubengomunye wabadlali abancane abadlala kahle kakhulu kuMoroka Swallows FC njengoba ubeluqinisile udonga lase emuva kodwa leliqembu lase Dube libuyele obishini lezimali njengoba lixoshe abadlali abangu 24 kumanje.
Labadlali bangenela isiteleka ngoba bengaholile, bangadlala imidlalo emibili beqhinqile befuna amaholo, pkwakuyimidlalo embili ngowe Mamelodi Sundowns FC neGolden Arrows. Leliqembu lahlawuliswa yi PSL ngokuyithela ngehlazo, yahlawuliswa imali engu R1 million, yalengiselwa R600000, kwathiwa mayikhokhe uR400000.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
