[IMIBONO] ‘Kunezinhlobo ezi-3 zemibandela yomhlaba’ Judge Hlophe

Mhleli, ngicela ukubingelela kwelakho kanye nabafundi. Ngicela ukuqale ngibonge IBUNDA IZINDABA ngokuba livumele futhi liphinde lishicilele imibono yethu njengabafundi kanye nesizwe. Kunodaba lapha eselidingidwe kaningi kodwa namanje lisayingwiji kwebu kumuntu omnyama. Udaba lokubuyiselwa komhlaba kubantu ngaphandle kwesinxephezelo.

Ngihlebeke umxhwele ngezwa kufudumala inhliziyo, ngesikhathi ngibuka iPodcast ye-EFF esihloko ethi “EFF Podcast Episode 13: Judge John Hlophe On The EFF Podcast”. Kulepodcast ebithulwa ngu-OmphileMaotwe bekumenye iJaji uDkt John Hlophe, uyiLungu lezobulungiswa elihlonishwayo futhi umlando wakhe omude wenguquko kwezomthetho omenze waba ngumuntu onganambithiseki kubaholi abamhlophe.

Kulesi siqephu, iJaji uHlophe ukhuluma ngomlando womzabalazo wama-Pan-Africanist, amava akhe njengoMongameli wamaJaji eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, Ezombusazwe, uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nokubaluleka komhlaba ekukhululeni abantu bakithi.

Yey kuningi umuntu akufundile lapha, futhi okumnandi kakhulu sifundiswa mahhala. Ngicabanga ukuthi sizoya phambili siyisizwe uma sihabulisana ngolwazi, nangemlando walelizwew. Isifundiswa nomnumzane, iJaji uDkt John Hlophe usifundisa mahhala ukuthi kunezinhlobo ezi-3 zemibandela yomhlaba ezikhona njengamanje kumthethosisekelo omile ezivumela ‘U’kubuyiselwa komhlaba ngaphandle kwesixhelo’

  • Ukuziphatha kobugebengu emhlabeni
  • Umhlaba otholwe ngaphandle kwezindleko eziqinisekisiwe
  • Abezinye izizwe abanomhlaba hhayi ngenjongo yenzuzo

Cabanga nje ngemizamo emikhulu esiyoyifeza uma sekuzuzwe u-2/3 weningi ephalamende futhi thina, uquqaba lwaseNingizimu Afrika, singaphinda sikubhale lokho kubhuqa umthethosisekelo!


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.