
IMamelodi Sundowns FC igcine ngokuthi imhlwithe ku Orlando Pirates uThembinkosi Lorch. Lomdlali ubengaseneme ukuhlala ku Orlando Pirates ngenxa yomholo obumncane futhi ungamnelisi nhlobo njengoba izindleko zempilo zikhula mihla namalanga. ULorch ubesehlale amasizini ayisikhombisa ku Orlando Pirates. Lomdlali waqala ukugqama ku Maluti FT College yangakubo eFree State. I-Orlando Pirates yambolekisa ku Cape Town All Stars ngaphambi kokuthi imbolekise ku Chippa United.
Ngenxa yokuthi uThembinkosi Lorch wabe eseliphakamisile izinga. I-Orlando Pirates yagcina ngokuthi imbuyise kuyona njengoba egcine engumdlali ohamba phambili ku-Orlando Pirates wabe esehlushwa ukulimala. Usedlalele iqembu lesizwe iBafana Bafana amadlandla ayisishiyagalombili futhi ubalwa emlandweni wabadlali abashaye amagoli amqoka emdlalweni womkhaya.
IMamelodi Sundowns FC ayiqali ukuhlwitha i-Orlando Pirates abadlali abanohlonzo njengoba ngaphambilini yasayina uDonald Ace Khuse, uGift Mpo Leremi , Lebohang Cheeseboy Mokoena, Gift Motupa kanye no-Oupa Manyisa. Bonke labadlali bahamba ku Orlando Pirates ngenxa yemali. njengoba Orlando Pirates ayikhokhi imali enkulu kubadlali kodwa badlalela ibheji.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
