
UPrince Tjiueza uzakhele igama ku Afcon njengoba eyibambe eqenjini lesizwe lase Namibia futhi ungomunye wabadlali abangumgogodla eqenjini lase Nimibia. Lomdlali waseswini oneminyaka engu 21 ukhombise ukulambela ukunqoba nokukhula ebholeni njengoba ubalwa nabadlali abancane abagqamile ku-African Cup of Nations ezweni lase Ivory Coast.
UJohn Comities ongusihlalo weCape Town City uthi konke kuhamba kahle njengoba bavumelene neqembu lakhe laseKosovo KF Liria. INamibia yizwe elinabadlali abanohlonzo kakhulu ebholeni njengoba abadlali abaningi abaphuma khona bafike ku Dstv Premiership League bashaye into ecokeme. Abadlali abafana no Peter Shalulile, ongumgadli ongalibheki ipali ku Mamelodi Sundowns FC, kube uDeon Hotto we Orlando Pirates kanti ngaphambilini bekukhona Mohammed Auseb kanye noRobert Nouseb.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
