
Iqembu le Orlando Pirates ligcine linqumile ngo Makhehlene Nyembe Makhaula ngesasa lakhe njengoba igcine ngokuthi ayivuselele inkontileka ngonyaka owodwa. Lenkontileka izophela ngonyaka ozayo ngo June ka 2025, kanti kuzokhumbuleka ukuthi uMakhaula ubengukaputeni waMaZulu FC ngaphambi kokuthi ajoyine eZimnyama. Lomdlali kuze kube manje ubedonsa kanzima ukuthola isikimu ngaphansi komqeqeshi Jose Riveiro.
UMakhaula waqala ukugqama ebholeni kuFree State Stars ngaphambi kokuthi asayine ku Mamelodi Sundowns FC, njengoba yagcina ngokuthi imchithele AmaZulu FC. Ufike khona wagila izimanga njengoba waphenduka undaba mlonyeni kubathandi bezemidlalo ngaphansi kobuholi buka Benni MaCcathy.
Njengoba AmaZulu FC agcina ngokuthola indawo yesibili ku Dstv Premiership League futhi abaphinda azitholela indawo emqoka ku CAF Champions League kanti waphinda wahola ngempumela iqembu laMaZulu FC emdlalweni we MTN 8 Cup.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
