
UThemba Zwane ubeyiqhawe leBafana Bafana ngesikhathi eshaya amagoli amabili. UZwane wayengomunye wabadlali abashiywa ngu Hugo Brooks ngoba ethi usemdala kodwa wabuya wambuyisa njengoba egila izimanga ku Mamelodi Sundowns FC naku Bafana Bafana.
Lomdlali usekhombise ukuthi ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu ebholeni emhlabeni ngoba mangabe engalimele uyawenza umehluko omkhulu futhi uphinde akwazi ukuthwala iqembu le Bafana Bafana njengoba enza ku Mamelodi Sundowns FC.
Abadlali be Mamelodi Sundowns FC bakhombise ukuvuthwa njengoba kade behlangane njengoba kulomdlalo abakhombisile nabadlali basemuva ukuthi badlala ngokuzwana, ubonda lasemuva le Bafana Bafana belukhandwe ngokhonkolo wabadlali be Mamelodi Sundowns FC, kuqale Mothobi Mvala no Grant Kekana, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, labadlali bayibambe kahle kakhulu. Njengoba umqeqeshi uHugo Brooks ukhiphe uSiyanda Xulu eqenjini eliqale umdlalo.
UXulu wasolwa ngabantu abaningi ngokuba yikhonco elibuthaka emdlalweni we Bafana Bafana ne Mali. Lomdlali wase emuva ku Bafana Bafana wadedela abagadli baseMali ukuthi bashaye amagoli amabili ngaphansi kwemizuzu eyisithupha. Khona manjalo iBafana Bafana inqobe lomdlalo wayo ne Namibia ngamagoli angu 4-0 njengoba umgadli we Al Ahly yase Egypt uPercy Tau ulitholile igoli no Thapelo Maseko leliqembu lesizwe lizodlala ne Tunisia emdlalweni wokugcina.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
