
UThaphelo Maseko ubingelele ngegoli elihle ku Bafana Bafana. lomdlali we Mamelodi Sundowns FC ogijima ngasophondweni lwesobunxele. ubedlala umdlalo wakhe wesibili ku Bafana Bafana. kulindeleke ukuthi aphinde aqhubeke nokusiza iqembu le Bafana Bafana emdlalweni olandelayo we Tunisia.
lomdlali uqale ukuzibonakalisa ku Super Sports United. ungumdlali ohlaselayo kakhulu . khona manjalo umqeqeshi Hugo Brooks ukhombise ukuthi uyakholelwa kuyena njengoba umdlalo wokuqala we African Cup of Nations neMali waqala umdlalo, njengoba izolo uqale umdlalo ebhentshini wangena ngesiwombe sesibili.wangena negoli elihle kakhulu wabalisa igama lakhe ku Bafana Bafana ne African Cup of Nations.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
