
Iqembu lezombusazweni Inkatha Freedom Party, isikhombe indlela isishoshovu sayo saseManyiseni eNgwavuma uMdabe Mathenjwa. UMathenjwa uxoshelwe ukuba yisixhwanguxhwangu nokuhlambalaza eqenjini. Ethintwa ngalezi ndaba uMathenjwa uthe usezwile ngalowo msangano. Ebuzwa ukuthi uxoshelweni, uthe uxoshelwe iqiniso lokuthi wadalula izimfihlo zabaholi baleli qembu abashaya umshoshaphansi wokuketula uMengameli we IFP uVF Hlabisa.
“Ngangikhuluma iqiniso ukuthi abaholi beNkatha nabanye balapha eJozini bahlangana eCrown Lodge eseJozini bahlela leli tulo. Ngathi ngibuza ngakho bathi babezozidlalela istokofela. Sinalo lonke ulwazi ngalokho futhi ngiyazi mina ukuthi babethunywe (emgagula) ilo mholi abafuna abe nguMengameli. Kabafuni kuculwe izingoma ezeseka uHlabisa, kabafuni kugqokwe nezikibha ezeseka uHlabisa. I-NEC kayibabuzi nayo ngalokhu ngoba nayo ithatha uhlangothi. Lalela kangijoyiniswanga yibo iNkatha mina. Ngizoqhubeka ngibe inkatha, imoto yami izobe ifake izitikha zeNkatha, ngiyohlale ngiyiNkatha yimi engizoxosha bona.” Kusho uMdabe. Ama voice notes akhe asabalala yonke indawo ebalula amagama alaba baholi nabo banawo lama VN.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
