
Abaculi ababili abadumile eNingizimu Afrika, uSjava noBig Zulu, basebenzisana neHollywood Foundation ukunikela ngezicathulo zesikole ezingaphezu kuka-1300 ezikoleni zabo zamabanga aphansi eBergville, KwaZulu-Natal. Lo mnikelo wezicathulo ozoba ngoFebhuwari uyingxenye yohlelo lwe-Inkabi Zezwe okuhloswe ngalo ukugqamisa ukubaluleka kokuthola imfundo elinganayo kanye nezinsiza zabo bonke abafundi besikole.
Inkabi Zezwe, ephinde libe yigama lochungechunge lwama-documentary olwalandela uSjava noBig Zulu njengoba bephinde babheka izimpande zabo futhi bexoxa ngezindaba zabo zomzabalazo nempumelelo. Lolu chungechunge olwakhonjiswa kuSABC1 ngoNovemba nyakenye, lwemukelwe kahle ngababukeli nabagxeki.
Izikole ezizohlomula ngalo mnikelo wezicathulo yisikole samabanga aphansi Obonjanjeni afunda kuso uSjava neHambrook Primary School afunda kuyo uBig Zulu. Zombili lezi zikole zisezindaweni zasemakhaya eBergville, lapho abafundi abaningi bebhekene nezinselelo ezifana nobubha, ukushoda kwengqalasizinda, nokungathuthwa kwendle.
USjava noBig Zulu bathe bayalibonga ithuba lokubuyisela ezikoleni nasemiphakathini yabo yakudala, banethemba lokuthi bazogqugquzela isizukulwane esizayo sabafundi ukuthi siphishekele amaphupho namathalente abo.
Inhlangano engenzi nzuzo iHollywood Foundation eyeseka izinhloso ezehlukene njengezemfundo, ezempilo nezemidlalo, ithe iyaziqhenya ngokubambisana neNkabi Zezwe nalaba baculi ababili ababachaze “njengezibonelo namanxusa oguquko oluhle”.
Umnikelo wezicathulo kulindeleke ukuthi wenze umehluko omkhulu ezimpilweni zabafundi, abazothola izicathulo ezintsha, ezintofontofo neziqinile ezizobasiza ukuthi bahambe beya esikoleni ngokuzethemba nangesithunzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
