
Iqulu lezigelekeqe eziyishumi nanye (11) ebezihlomile futhi zizezenze amaphoyisa eSouth African Police Services (SAPS), zigebenge iphoyisa ebelisemsebenzini kanye nendawo edayisa izimoto oThongathi, KwaZulu-Natal, ngoLwesine ntambama. Ngokusho kwenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (RUSA), lezi zigebengu zingene esitolo sokudayisa izimoto kuRamiah Drive eMetcalf, zenza sengathi zikhipha incwadi egunyaza ukubamba izimoto. Babe sebephakamisa izisebenzi namakhasimende bebakhomba ngezibhamu befuna imali nezinto ezibalulekile.
Umsebenzi ovela ebhizinisini uthinte iSAPS yasoThongathi, ecela usizo lokuqinisekisa ukuthi incwadi egunyaza ukuthi isemthethweni yini. Isikhulu samaphoyisa ophiko lweSAPS oThongathi siphendule ucingo sihamba ngemoto yamaphoyisa enegama. Nokho uthe efika nje endaweni yesigameko waphucwa nesibhamu sombuso i-Z88 kanye nomakhalekhukhwini wombuso yilamaphoyisa mbumbulu. Izigebengu ziphinde zathatha izibhamu zonogada abaningi abazinze kule ndawo.
Izigebengu zibe sezibaleka endaweni yesigameko ngamaveni amabili (2) amhlophe ohlobo lweFord Ranger, nesamba semali esingadalulwanga nezinye izinto. Imoto yamaphoyisa ayizange ithathwe abasolwa. Abekho abantu abalimele ababikiwe ngesikhathi sesigameko.
I-SAPS yasoThongathi ixhumane ne-RUSA ngezithuba zabo-14:12, icela ukusekelwa emoyeni ukuze ilandele umkhondo wabasolwa. Indiza enophephela emhlane i-RUSA R44 ibino-(14:41) isesha kepha akutholakalanga muntu. Kutholakale ukuthi bonke abasolwa bebegqoke imifaniswano yeSAPS. Ababili kubaphangi kwakungabesifazane.
I-SAPS iphenya icala futhi icela noma ngubani ongaba nolwazi ukuba aphumele obala. Umphakathi uyanxuswa nokuthi uqaphe futhi ubike noma yiziphi izenzo noma abantu abasolisayo emaphoyiseni.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
