
UPercy Tau ongusekela kaputeni weqembu lesizwe iBafana Bafana, namuhla uzothwala umthwalo wokugudluza abadlali basemuva bezwe lase IMali. Lomdlali odlalela iqembu le Al Ahly yase Egypt uliqonda kahle ibhola lase Africa, njengoba abadlali baseMali kungabadlali abayizikhondla khondla, bade kanti futhi banamathambo aqinile emzimbeni. Lomdlalo ungomqoka kakhulu eqenjini elicijwa uHugo Brooks njengoba kumele athole amaphuzu amathathu.
Kuzokhumbuleka ukuthi useke waqeqesha ezweni lase Cameroon, lapho anqoba khona African Cup of Nations ngo 2017. Lomqeqeshi ngomunye wabaqeqeshi abanamagama abhalisiwe ku CAf njengoba ayinqoba African Cup of Nations. “Lomdlalo uzoba ngonzima kakhulu njengoba iqembu lesizwe lase Mali linabadlali abaningi abadlala emaqenjini aseEurope futhi badlala nangezikwepha kakhulu, kuzomele abadlali abafana no Themba Zwane, Tau babajike khona bezokwehla bavuleke emuva.” kusho uMark Fish lenkanka ye Bafana Bafana eyayikhona ngo 1996 ngesikhathi iBafana Bafana inqoba African Cup of Nations, yaphinda yayibamba ku World Cup ngo 1998, 2001-2002.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
