
ULebogang Cheese Boy Mokoena owayengumdlali weOrlando Pirates neMamelodi Sundowns FC, uthi kusabhibha isilonda enhlizweni yakhe ngobuqili obenziwa nguYogesh Singh ukuthi engababhalisi kubadlali beMamelodi Sundowns FC, ekade bezodlala ku CAf Champions League ngonyaka ka 2016. “Sasijima njalo kuhamba kahle kakhulu siphinde sihlaziye nemidlalo yalamaqembu, ayizimbangi zethu afana no Al Ahly, Raja Casablanca, TP Mazembe. Ngokusu lokugcina sasala ngaphandle kubadlali abazodlala ku CAf Champions League, ey badlala abafowethu bayinqoba i CAf Champions League kodwa mina njengomdlali ngangifuna ukuyijulukela.
Ngikhala ngo Jogesh Singh owaba yiqili engasitsheli lonke iqiniso ukuthi asizoba yinxenye yabadlali abazoyibamba ku CAf Champions League. Mina ngake ngadlala ku CAf Champions League kuOrlando Pirates, manje ngase ngiyiqonda kahle indlela yeChampions League.” Ngayithola phela indoda njengomdlali we Mamelodi Sundowns FC, kodwa namanje ayinginamisanga.” kusho uCheeseboy.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
