
Umqeqeshi we Orlando Pirates uJose Riveiro ucebisa iKaizer Chiefs ne Orlando Pirates ukuthi kumele bangaqophisani nomacaphune kusale iMamelodi Sundowns FC ngokuthenga abadlali. Uthi iMamelodi Sundowns FC inamandla ngokwemali kepha lamaqembu kuzomele agxile kakhulu ekukhiqizeni abadlali ezinkulisa zabo. “Bazokwazi ukhiqize abadlali abanohlonzo abazomela neqembu lesizwe iBafana Bafana.” Kusho uRiveiro wabe esenza isibonelo ngamaqembu amabili ase Spain ayizimbangi ezinkulu khona, iBarcelona neReal Madrid.
Lamaqembu anezindlela ezingafani njengoba iReal Madrid yona igxile kakhulu ekuthengeni abadlali ababizayo emhlabeni ngoba inemali eningi, kanti ngakolunye iBarcelona yona igxile kahle ekukhiqizeleni abadlali abanohlonzo, njengoba abadlali abaningi abadlalela iqembu lesizwe laseSpain baqhamuka eqenjini le Barcelona.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
