
Umphakathi waseMhlazane ngaphansi kamasipala wase eMvoti, unxusa uhulumeni ukuthi bakhelwe umtholampilo kuleyandawo. Lomphakathi ukhala ngokuthi abantu abaningi bagcina befela endleleni ngenxa yokuba kude Greytown Hospital nase Ntunjambili Hospital. Elinye lamalungu omphakathi ogama lakhe ngu Thulebona Mdlalose ongumshayeli wemonto encane, ubikile IBBUNDA IZINDABA ukuthi yena wafelwa umuntu emotweni yakhe.
“Mina ngahamba nomuntu wafela emontweni yami, lomndeni wawungiqashile ngezikhathi zase ekuseni, kodwa ngezwa sebethi angijike lomuntu usethule kumina kwaqaqamba inhliziyo yami ukuthi abantu bazophelela emgwaqeni njalo ngokungabi bikho kwezikhungo zempilo eduzane.” kusho uMdlalose.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
