ICholera iyabhebhetheka eZimbabwe ngoba nabezempilakahle bethwele nzima

Ukumemetheka komkhuhlane weCholera eZimbabwe kuyaqina njengoba abezempilakahle bethwele nzima. IZimbabwe ibhekane nalomkhuhlane weCholera osuhlasele izifunda ezingamatshumi amahlanu lesificaminwembili (58) kwezingamashumi ayisitshiyagalombili(60). Lesisifo sesibulele abantu abangaphezu kuka-200 kanti usuthelele abantu abedlula inkulungwane ezilishumi nesithupha kusukela ngoNhlolanja ka2023, ngokusho kwegatsha lwezempilakahle.

Ukubheduka kwalesi sifo, okuyisigameko esibi kakhulu kusukela ngo-2008 lapho kwashona abantu abangaphezu kuka-4 000, sibhebhethekiswe wukungabi bikho kwamanzi ahlanzekile, ukuthuthwa kwendle, ukungahlanzeki nokuhamba kwabantu ngesikhathi samaholidi kanye nezimvula.

UDkt Aspect Maunganidze, ongunobhala womnyango wezempilo, uthe ngeSonto kube nokuqubuka kwamacala ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, wathi izifunda zakamuva ezibika ngalesifo sohudo yi-Uzumba Maramba-Pfungwe, Mazowe, Mbire, Centenary, Kariba kanye Zvimba.

Uthe uMnyango usungula izikhungo zokwelapha isifo sohudo kanye nezindawo zokubuyisela amanzi emzimbeni ezindaweni ezithintekile, wanxusa abantu ukuthi basebenzise izindlela zokuzivikela njengokugeza izandla, ukubilisa amanzi, nokugwema uphuza namanzi angcolile.

Ikholera isifo esibangelwa amagciwane aphathelane nokungahlanzeki bese edala lesifo sohudo esinzima kanye nokuphelelwa amanzi emzimbeni, futhi singabulala uma singelashwa ngokushesha. Sisakazwa ngokudla ukudla noma amanzi angcoliswe indle yomuntu onaleli gciwane.

Ukuqubuka kwalesi sifo kudalule isimo esibi sohlelo lwezempilo eZimbabwe, olukhutshazwe yizinkinga zezomnotho, ukungaphathi kahle kanye nenkohlakalo. Isithombe esishaqisayo esisabalale ku-inthanethi ngeSonto sikhombisa abasebenzi bezempilo esikhungweni somphakathi sokubuyisela amanzi emzimbeni eChiredzi, esifundazweni esiseningizimu-mpumalanga yezwe. Benikeza uketshezi olufakwa emithanjeni ezigulini ezilele phansi ngaphansi kwesihlahla. Amadriphu ayelengiswa emagatsheni ezihlahla, futhi iziguli azinayo nendawo yokufihla ikhanda noma izingubo zokulala.

Lesi sithombe sivuse ukucasuka nokugxekwa kwabeZimbabwe abasola uHulumeni ngokunganaki uphiko lwezempilo nokwehluleka ukunikeza izinsiza kanye nezinsiza ezifanele ukulwa nobhubhane.

Umkhulumeli kaMongameli Emmerson Mnangagwa, uGeorge Charamba, uvikela lokhukulashwa komphakathi ngaphansi kwesihlahla njesimo esiphuthumayo sokusiza umphakathi. “Kusindisa impilo, futhi kuwukungenelela masinyane” uqhube wathi kungcono lokhu kunokuba kuchithwe isikhathi kuhanjiswa izigulane emakiliniki noma ezibhedlela.

Uphinde wathi uhulumeni uhlinzeke ngoketshezi lwe-saline, abasebenzi, kanye nemoto ebisetshenziswa esikhungweni sokubuyisela amanzi emzimbeni, futhi wancoma abasebenzi bezokwelapha “ngokungenelela kwabo kokulungisa insimu”.

Kodwa-ke eminye imithombo ithi isikhungo sokubuyisela amanzi emzimbeni sisungulwe ngabenhlangano iRed Cross nayo ehlinzeka ngolunye usizo ezindaweni ezihaqwe isifo sohudo.

Ukubheduka kwekholera kuphinde kwaveza ukukhathazeka ngokulungela kwezwe ukusingatha umqhudelwano webhola lezinyawo we-Africa Cup of Nations (AFCON), ohlelelwe ukuba ngoJuni nangoJulayi 2024. IZimbabwe ingelinye labane abazobe bebambe iqhaza kulo mqhudelwano, okubalwa iNingizimu Afrika, iBotswana, neZambia, kanti kulindeleke ukuthi isingathe eminye yemidlalo eHarare, Bulawayo, naseVictoria Falls.

Uhulumeni uthe unethemba lokuthi uzokwazi ukunqanda ukuqubuka kwalesi sifo futhi aqinisekise ukuphepha kwabadlali nabalandeli, kodwa abanye bazwakalise ukungabaza ukuthi akunabuhlakani ukusingatha umcimbi omkhulu kangaka phakathi kwesimo esiphuthumayo sezempilo yomphakathi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.