
Abesilisa ababili, abaneminyaka engu-26 no-35 ubudala, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseBrits ngamacala okutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe nelokubulala. Amacala asukela ekugetshengeni kwendlu ngoLwesithathu ebusuku, 10 January 2024, eBokfontein ngaphandle kwaseBrits.
Ngokusho kwamaphoyisa amadoda amathathu abehlomile agqekeze emzini wowesifazane oneminyaka engu-21, amshaya amsabisa maqede amphuca izinto ezibalulekile nomakhalekhukhwini base bebaleka ngezinyawo. Lo wesifazane ukwazile ukubikela omakhelwane bakhe, abahambe bayophenya endaweni yesigameko. Bathole indoda engaziwa eneminyaka engamashumi amathathu idindilize phansi, iphuma igazi ngenxa yenxeba ekhanda.
Wayegqoke i-hoodie emnyama, i-track pant eluhlaza namateku a-maroon. Abezimo eziphuthumayo bahlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko. Ngemuva kwalokho amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi ungomunye wezigebengu, wabulawa wudonga oludilikile ngesikhathi abasolwa bezama ukungena egcekeni.
Amaphoyisa enze umkhankaso wobunhloli eKapitana, eSkeerpoort, lapho abopha khona umsolwa wokuqala ashaqa i-special revolver engu-22 namagobolondo amahlanu angenalutho, isibhamu esingenalutho esiyi-9 mm namagobolondo amabili kanye nomshini.
Umkhankaso uqhubekile waze wayofika eBokfontein, eCarradale, lapho bebophe khona umsolwa wesibili, naye owayemataniswa necala lokugetshengwa kwendlu. Amaphoyisa asathungatha umsolwa wesithathu, asenxuse umphakathi ukuthi uze nemininingwane engaholela ekuboshweni kwakhe. Bancome nowesifazane ngobuqhawe bakhe nomakhelwane ngokusizwa kwabo kanti uphenyo lisaqhubeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
