
Umnikazi wendawo yobumnandi i-Artizen Lounge eshisanyama KwaMashu enyakatho yeTheku, ubonakale ehambisana neqembu elisanda kubunjwa iM.K Party ngesikhathi kunomkhankaso wokuqwasha nokuzibonakalisa kweleliqembu elisanda kwethulwa. IMK Party yiqembu elishisa izikhotha kulezinsuku kwezepolitiki yase Ningizimu Afrika futh nelesekwa ngowayenguMengameli Jacob Zuma. USiphiwe “Mcaks” Mcanyana (ogqoke isikhindi esimnyama esithombeni) ubedlubhe isikibha saleli qembu futhi ezithwebula namalungu, okubhebhethekisa izinsolo zokuthi uyazwelana nalo mbutho futhi uzongena kuwo ngokusemthethweni maduze.
UMcanyana ononkosikazi wakhe ongungoti kwezamabhizinisi futhi nonobudlelwano ne-ANC, akakaphenduli mayelana nokumataniswa kwakhe neqembu elisha. I-Artizen eminyakeni edlule ithembele kakhulu emicimbini emikhulu exhaswe yiDurban Tourism nomasipala weTheku.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
