
Abesilisa ababili okukholakala ukuthi bayamataniswa nezinkabi ezisonconga kakhulu embonini yamatekisi enedumela elibi, badutshulwe babulawa erenki yamatekisi ngaphandle kwaseMidway Mall eNewlands West enyakatho yeTheku. Abanye ababili balinyazwe kabi ngoshayasibhamu abangaziwa ababaleke endaweni yesigameko.
NgoLwesibili ebusuku, elokishini laKwaMashu, ngaphesheya nje kothelawayeka uDumisani Makhaye, kudutshulwe kwabulawa umnikazi wetekisi ehamba nomthengi owayengenacala. Omunye umthengi ongenacala ulimale kabi ngesikhathi sokudubula okushaqise umphakathi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
