
I-IFP eKZN isizwakalise ukukhathazeka ngesimo sokulungela izikole zakulesi sifundazwe ngaphambi kokuvulwa kwazo ezinsukwini ezizayo. USihlalo waleli qembu esifundazweni, uMnuz Thami Ntuli, uthi ziphezulu izikhala zokulunga kulezikole kanti lokho kwenzeka ngesikhathi inqwaba yothisha ingasebenzi.
Ukukhala kukaNtuli ngesikhathi abanye othishanhloko ezikoleni ezingakhokhisi kakhulu ezitholakala ezindaweni ezihlwempu njengasemalokishini bekhala ngokuthi abakayitholi imali yesibonelelo sikahulumeni esibasiza ukuthi bathengele othisha izinto eziyisisekelo zokusebenza ezifana no-inki kanye nezinto zokubhala.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
