UKeagan Dolly uzoyishiya iKaizer Chiefs makuphela isizini

Kungase kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi ka Keegan Dolly ne Kaizer Chiefs umasekuphela isizini. IKaizer Chiefs isanda kumemezela ukuthi iyamehlisela umholo, njengoba engumdlali ohola imali eningi kuDstv Premiership League. Lomdlali uhlushwa ukulimala njalo, nokwenza ukuthi leliqembu le Kaizer Chiefs lathatha isinqumo sokuthi limehlisele umholo.

Abaphathi baka Keegan Dolly bakhombise ukungenami ngesinqumo seKaizer Chiefs, kodwa umdlali yena uyafuna ukuhlala ku Kaizer Chiefs. UDolly ngomunye wabadlali abanohlonzo eqenjini le Kaizer Chiefs, njengoba mangabe ekhona enkundleni, umsebenzi wakhe uyabonakala, nabalandeli baleliqembu lamakhosi, bayamathanda kakhulu kodwa kuhlupha khona njena, ukulimala kwakhe njalo.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.