Kunqamuke igoda phakathi kaMalepe naMaZulu FC

AmaZulu FC akhombe indlela umdlali obehamba izindlela zobumnyama uTercious Malepe. Lomdlali ubeqiwa ijezi kodwa ehola kakhulu ngakho iqembu AmaZulu FC anqume ukumkhomba indlela, avula izikhala zabadlali abazodlala ngempela. Lomdlali ubehamba izindlela zobumnyama njengoba ubezifela ngezinkamba zika Faro.

UMalepe ubesehlale amasizini amabili eqenjini AmaZulu FC, kodwa ubengakaze agqame kahle. Lomdlali uke waba ngukaputeni we qembu labadlali abaneminyaka yobudala engu 23 futhi uke wayibamba naseqenjini lesizwe i Bafana Bafana, lomdlali udlalile naphesheya kwezilwandle, njengoba amahhemu hhemu, amkhomba kwelinye izwe lakhona iCyprus, uMalepe bekubhekwe lukhulu kuyena.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.