Kumnyama ngoMvala ngeBafana Bafana

Umdlali wasemuva kuMamelodi Sundowns FC kanye nakuBafana Bafana, uMothobi Mvala kungenzeka angahambi neqembu lesizwe uma seliya kuAfrican Cup of Nations ezweni lase-Ivory Coast. UMvala ulimalile, manje isimo sakhe sisezandleni zodokotela njengamanje kanti nomqeqeshi we Bafana uBafana Hugo Broos uthi kungenzeka nomayini ngo Mvala.

Kubadlali abangase bavale isikhala sakhe khona Thapelo Xoki ongukaputeni we Orlando Pirates, Siyabonga Ngezane, Njabulo Ngcobo, Gavin Msimango, Thabiso Monyane. Lomdlali wasemuva ku Mamelodi Sundowns FC, ngomunye wabadlali abayizithenjwa zomqeqeshi uHugo Brooks noma enamaphutha kodwa yena uyamthanda. UMvala ngumdlali olimala njalo ekhanda, kushiya nembuzo ngabadlali abafana no Thapelo Xoki ongukaputeni we Orlando Pirates noshaya into ecokeme eqenjini lezimnyama, no Siyabonga Ngezane osezakhele igama eqenjini lakhe


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.