Omapheka athulule iChippa United yenze izinguquko kubaqeqeshi

Iqembu le Chippa United lenze izinguquko kubaqeqeshi, njengoba UMorgan Mammilla obengumqeqeshi usezobangumqondisi wabaqeqeshi. Leliqembu le Chippa United liqashe abaqeqeshi ababili abaqhamuka kuSuper Sports United, uThabo September kanye noKwanele Chop. Labaqeqeshi bayibambe eqenjini leMDC yeSuper Sports United isikhathi eside.

UChippa Mpengesi ukholwa ukuthi lezizinguquko zizokwenza iqembu lidlondlobale kancono. Leliqembu lase Eastern Cape lingelinye lamaqembu adonsa kanzima njengoba lingumapheka athulule kubaqeqeshi. Liphinde lathengisa kakhulu abadlali abanohlonzo, kodwa kunexhala lokuthi ngabe labaqeqeshi bazokwazini ukuyibamba ishisa ku Chippa United njengoba bangamavukane kuDstv Premiership League. Yize uKwanele Chop eseke waqeqesha iRoyal AM ngaphambilini, wahluleka. Kumanje umqeqeshi uMorgan Mammilla ubeyibambe kahle noma njalo ubehlezi ethwele umthwalo onzima kuleliqembu lomapheka athulule.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.