Kudingeke ukuthi basebenzise i-Jaw of Life engozini kuM4 eThekwini

Kudingeke ukuthi basebenzise izindlawu zempilo, abebezimo eziphuthumayo bakwa-ALS ngesikhathi baphendule engozini enkulu yokushayisana kwezimoto ku-M4 Ruth First Highway, eThekwini ngaphambi kwe-Broadway offframp. Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bathole isiphithiphithi njengoba bethole ukuthi izimoto ezimbili zishayisane maqede kwagingqika imoto eyodwa yazolala ophahleni lwayo.

Umshayeli oyedwa wesifazane okukholakala ukuthi uneminyaka engamashumi amabili ubudala utholwe evaleleke kanzima emotweni yakhe, uMnyango wezeMlilo eThekwini usebenzise iJaws of Life kanye neminye imishini, ukukhulula le ntokazi obishini. Esephumile emfucumfucwini le ntokazi iye yafakwa emshinini wokungenisa umoya ngaphambi kokuba iphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze ithole usizo oluphuthumayo.


Umshayeli wesibili owesilisa oneminyaka eko-20 naye ubelimele kabi kanti uzinzile endaweni yesigameko ngabe-Advanced Life Support Paramedics ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze athole ukunakekelwa abekudinga. Umgwaqo wonke obheke e-Noth uvaliwe ngenkathi abezimo eziphuthumayo besebenza endaweni yesigameko. Okwamanje izehlakalo ezaholela ekushayisaneni kwezimoto azikaziwa kodwa abe-SAPS babekhona kanti bazophenya kabanzi.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.