
“Izindaba zokugula kwami kanye nezindaba zokuthi ngise-ICU ziyihaba ngokwedlulele, mina ngiwumqemane, angigulanga nakancane futhi angizange ngiquleke” uMengameli Cyril Ramaphosa. UMengameli uCyril Ramaphosa uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi unempilo ephelele njengoba ehola umgubho wokuzalwa we-African National Congress’ (ANC) eMpumalanga. Lokhu kulandela izinsolo ezinkundleni zokuxhumana zokuthi uRamaphosa uhlaselwe ukugula ngeSonto wangeniswa esibhedlela iMilitary Hospital ePitoli.
Enye yezinkundla zokuxhumana eveze lezi zinsolo ingaphansi kwegama lomholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema. “UCyril ubengaphilile kahle ngaphambi kokuthi aquleke ekuseni,” kubhale i-akhawunti ku-X ngeSonto. Iqembu seliyichithile i-akhawunti njengenkohliso. Okhulumela uMengameli uVincent Magwenya uphinde wafaka ezinkundleni zokuxhumana ukuthi umengameli usephile saka.
“Kunamahlebezi amabi abelokhu ezungeza ngempilo kaMengameli nokuthi ulaliswe esibhedlela. UMengameli uyaphila, akakaze alaliswe esibhedlela, futhi asikho isimo esiphuthumayo. Waya emhlanganweni wanquma ukuchitha usuku lonke esekhaya ngaphambi kwesonto elimatasa,” usho kanje. Ekhuluma emathuneni aseLouwville emcimbini wokubekwa kwezimbali njengengxenye yokugubha iminyaka engu-112 ye-ANC ngoMsombuluko ekuseni, uRamaphosa ukuchithile lokho athi uyiswe e-ICU.
“Ngibe nemihlangano, ngabe sengiqhubeka nokusebenza ekhaya, kucace bha ngokwemiyalelo yezikhulu, ngithi: ‘Sifuna ugcinwe kahle ngoba izinsuku eziyisithupha ezizayo zizoba namandla kuwe njengomengameli’,” kusho uRamaphosa. .
“Ngakho-ke izindaba zokugula kwami kanye nezindaba zokuthi ngise-ICU ziyihaba ngokwedlulele; Ngiwumqemane, angizange ngigule, angizange ngiwe, nhlobo. Uyazibonela nawe ukuthi akuyena uRamaphosa mbumbulu lo, akuyena umuntu ophindwe kabili.”
“The news of my illness and the news that I was in ICU are extremely exaggerated, I'm fit as a fiddle and I had no illness whatsoever and I didn't collapse” President Cyril Ramaphosa pic.twitter.com/Ctauum5i4y
— MDN NEWS (@MDNnewss) January 8, 2024
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
