‘Ngeke bathole lutho uma behluleka wukunqoba isicoco’ Jordan

Abaphathi beSAFA kanye nabadlali beqembu leseizwe i-Bafana Bafana sebefinyelele esivumelwaneni ngesakhiwo sabo sebhonasi ukuze babambe iqhaza ku-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast. ISafa iqinisekise isivumelwano sokusebenzisana esisayinwe yila maqembu amabili lapho beziqeqeshela khona eStellenbosch.

Ngokusho kukamengameli weSafa, uDanny Jordan, abadlali bazohlumula ngo-R7 million umuntu emunye uma bephakamisa indebe nokho ngeke bathole lutho uma behluleka wukunqoba isicoco.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.